UPanSALB ubenenkundla yokucobelelana Ngemithetho Yokubhala, Nobhalomagama LwesiZulu nabafundi be-Tshwane University of Technology kusukela ziyi6 ukuya kwezi11 kuNdasa wezi2026

Lenkundla iqale mhla ziyisithupha yaze yaphothulwa ziyishumi nanye kuNdasa wezi2026. Loluqeqesho beluqondiswe kubafundi be-Language Practice ngenhloso yokubanika ulwazi olunzulu mayelana nemithetho yokubhala nobhalomagama lolumi lwesiZulu. Loluqeqesho beluqhutshwa uSolwazi B.E. Zungu oyilungu loMZUKAZWE nongumphathi oyinhloko kuSikole Sezilimi e-University of Johannesburg. USolwazi uchaze kabanzi ngezindlela zokupela, nangezinguquko esezenziwe ezisemthethweni, nokubaluleka kokugcina izimiso zolimi kanye nokusetshenziswa kwazo. Loluqeqesho […]
Lubungazwe Ngenkulu Impumelelo Usuku Lolimi Lwebele Ehholo Edolobheni eMsunduzi Mhla ziwu 24 KuNhlolanja 2026

Umphathi wohlelo uqale umcimbi ngokucela izivakashi ukuthi kube nomzuzu wokugobisa amakhanda, kukhunjulwe futhi kuhlonishwe uNksz. Fundisiwe Mokoena, owayengomunye wabasebenzi abavelele beBhodi Lezilimi, osebenze njengochwepheshe ophezulu kwezolimi (Chief Language Practitioner) esifundazweni saKwaZulu Natal. Ubekade eyibambe ophondweni emisebenzini yokuthuthukisa ulimi lwesiZulu, esebenzisana nongoti bolimi ekulikhuliseni nasekulivlondolozeni. Naye uNksz. Mokoena ubeyingxenye yethimba eliqokwe ukulungiselela lomcimbi. Umoya wobunye waqhubeka […]
IGoogle nePanSALB bethula Amatemu e-AI esiZulu, isiXhosa nesiBhunu

EGoli, mhla ziyi-15 Okthoba 2025 – IGoogle, ngokubambisaa nePan South African Language Board (iPanSALB), bethule Amatemu e-AI amasha esiZulu, isiXhosa kanye nesiBhunu, okinika izigidi zezakhamizi zaseNingizimu Afrika izinsiza zolimi ezingazisebenzisela ukusebenzisa ubuchwepheshe ngolimi lwazo lwebele. Lo msebenzi wethulwe emahhovisi eGoogle aseNingizimu Afrika eGoli, lapho bekukhona abamele iPan South African Language Board, uMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Nezamasiko, […]
Ushicilelo lukaPanSALB: Amalungelo Olimi Angamalungelo Abantu Olimi – Iphephandaba Lomhla Zingama-20 kuNdasa 2024

Amalungelo Olimi Angamalungelo Abantu INingizimu Afrika ithatha uNdasa njengeNyanga Yamalungelo Abantu, kanti umgubho wangalo nyaka uzoba ngaphansi kwendikimba ethi: Amashuminyaka Amathathu Kuhlonishwa Kubuye Kukhuthazwa Amalungelo Abantu’. UMthethosisekelo wezwe uqinisekisa izakhamuzi ngamalungelo amaningi abandakanya ilungelo lokusebenzisa ulimi ozikhethele lona. Ngeshwa leli lungelo livamise ukunganakwa yize lisemqoka ekubumbeni amandla ezepolitiki nawezenhlalomnotho. Ulimi ngokomlando belusetshenziswa njengesikhali sengcindezelo, […]
UMBIKO WEBHODI LEZILIMI (PanSALB) OTHOLE UKUTHI IMINYANGO KAHULUMENI KAZWELONKE NEZIMBONI ZIKAHULUMENI ZIYEHLULEKA UKUSEBENZISA UMTHETHO WEZILIMI EZISEMTHETHWENI WE-12 WANGONYAKA WEZI-2012 NGENDLELA EFANELE

ISAZISO SABEMITHOMBO YEZOKWAZISA OKUMELE SIGODLWE KUZE KUYOBA UMHLA ZINGAMA-21 KUNDASA WEZI-2024 20 KUNDASA WEZI-2024, PRETORIA UMBIKO WEBHODI LEZILIMI (PanSALB) OTHOLE UKUTHI IMINYANGO KAHULUMENI KAZWELONKE NEZIMBONI ZIKAHULUMENI ZIYEHLULEKA UKUSEBENZISA UMTHETHO WEZILIMI EZISEMTHETHWENI WE-12 WANGONYAKA WEZI-2012 NGENDLELA EFANELE IBhodi LeziLimi LaseNingizimu Afrika (PanSALB) selikhiphe umbiko wophenyo olunzulu olwenziwe mayelana nokusetshenziswa koMthetho weziLimi eziseMthethweni […]
IKHWELO LOKUPHAKANYISWA KWAMAGAMA AMALUNGU OMPHAKATHI AZONGENA EBHODINI LABAQONDISI LEZIMPIKO ZIKAZWELONKE ZOKUBHALWA KWEZICHAZAMAZWI

UMthetho WeBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (onguNombolo 59 ka-1995), esigabeni 8(8)(c) uvumela iBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (PanSALB) ukuba lisungule Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi ezizokwakha izichazamazwi ezilimulunye ezizoqondana nolimi olusemthethweni ngalunye. Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi zikhuthaza ukuthuthukiswa kolimi ngokuthi zakhe izichazamazwi neminye imibhalo ephathelene nazo ngokuqondene nolimi ngalunye olusemthethweni lwaseNingizimu Afrika. Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi […]
IKHWELO LOKUPHAKANYISWA KWAMAGAMA AMALUNGU OMPHAKATHI AZOBA SEMIKHANDLWINI YOLIMI KAZWELONKE

IBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (PanSALB) ngalokhu limema amalungu omphakathi, ikakhulukazi abantu abanentshisekelo kwezezilimi, abasezikhungweni zemfundo ephakeme, abasezinhlanganweni zomphakathi noma ezikhungweni zezamasiko ukuba baphakamise amagama abantu abangaqokelwa ekubeni babe amalungu eMikhandlu Yolimi Kazwelonke, engaphansi kuka-PanSALB nezoqondana nalezi zilimi ezisemthethweni ezilandelayo: isiPedi/ seSotho sa Leboa, isiSuthu, isiTswana, isiSwati, isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa, isiZulu, uLimi […]
UMHLANGANO WOKUCOBELELANA NGOLWAZI MAYELANA NOSOMQULU WOLIMI LWEZIMPAWU LWASENINGIZIMU AFRIKA KAHULUMENI KAZWELONKE KANYE NEMINYANGO YESIFUNDAZWE SASE-GAUTENG

ISAZISO SABEMITHOMBO YEZOKWAZISA SIQONDISWE: KUBAHLELI NASEZINTATHELINI USUKU: MHLA ZINGAMA-21 KUMANDULO WEZI-2023 UMHLANGANO WOKUCOBELELANA NGOLWAZI MAYELANA NOSOMQULU WOLIMI LWEZIMPAWU LWASENINGIZIMU AFRIKA KAHULUMENI KAZWELONKE KANYE NEMINYANGO YESIFUNDAZWE SASE-GAUTENG UMnyango Kazwelonke Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko ngokubambisana neBhodi Lezilimi LaseNingizimu Afrika bazobe behlomisa ngolwazi yonke iminyango kaHulumeni kaZwelonke kanye neyesifundazwe i-Gauteng mayelana noSomqulu woLimi lweziMpawu lwaseNingizimu Afrika (SASL) mhla […]
PanSALB LAUNCHES LANGUAGE ACTIVISM MONTH CAMPAIGN IN GQEBERHA, EASTERN CAPE

MEDIA STATEMENT FOR IMMEDIATE RELEASE 01 FEBRUARY 2023, PRETORIA PanSALB LAUNCHES LANGUAGE ACTIVISM MONTH CAMPAIGN IN GQEBERHA, EASTERN CAPE As part of the institution’s efforts to promote the use of mother tongue and the furtherance of multilingualism in South Africa, the Pan South African Language Board (PanSALB) will, this morning, be launching […]
PanSALB TO COMMEMORATE INTERNATIONAL MOTHER LANGUAGE DAY – 2023

MEDIA ADVISORY FOR IMMEDIATE RELEASE 17 FEBRUARY 2023, PRETORIA PanSALB TO COMMEMORATE INTERNATIONAL MOTHER LANGUAGE DAY – 2023 The Pan South African Language Board (PanSALB), in collaboration with the Department of Basic Education and the SABC will, on 20-21 February 2023, be commemorating International Mother Language Day at the Ranch Resort, outside Polokwane in […]