Sphesihle Slindokuhle Buthelezi kanye no Thobeka S’thandiwe Sangweni
Ibhodi LikaZwelonke Lezilimi LaseNingizimu Afrika (PanSALB) libambisene ne-South African Revenue Service (SARS) libe nomhlangano wokuqinisekisa nokuvamisa amatemu asetshenziswa kwa-SARS ezilimi zesiNguni okuyisiZulu, isiXhosa, isiNdebele kanye neSiswati. Lo mhlangano othathe isonto lonke kusukela ziyi-6-10 kuNtulikazi kowezi-2026, ubusesifundazweni i-Gauteng ePitoli, ehhotela iProtea Hotel (Fire and ice) eMenlyn.
Lo mhlangano uvulwe yisikhulu esiphezulu (CEO) sakwa-PanSALB, uDkt. Keobaka Seshoka, enkulumeni yakhe lapho egcizelele khona ukuthi umsebenzi owenziwe kule ngqungquthela unikeza abantu ulwazi olunembayo futhi oluqinisekiswe yimiKhandlu yeziLimi kaZwelonke. Isikhulu esiphezulu esiyiNhloko sezilimi uMnu. Julius Dantile, yena ukhulume ngokubaluleka kokuthi amatemu aqinisekiswe ukuze abakhokhintela bezokwazi ukuqonda amatemu akwa-SARS ngezilimi zabo uma bekhokha intela. UMnu.Vusi Ntlakana ongumphathi wesikhungo sezilimi kwaSARS, yena wakhuthaza abakhokhintela ukuthi basebenzise izilimi zabo ukuze izilimi zomdabu zibuyelwe isithunzi, futhi baqonde izinto ngokucacile ngolimi lwabo lwebele.
ONgoti bolimi basebenze ngokubambisana nangokuzimisela ngokuhlukahlukana ngokwamaqoqo ezilimi. Bahlale phansi nongoti bezezimali nabezomthetho bakwa-SARS, ukuze baqinisekise ukuthi amatemu amasha ezentela anikeza incazelo enembayo engagwegwesi. Inhloso yalo msebenzi ukuthi wonke umkhokhintela akwazi ukufaka nokuqonda izimbuyiselo zakhe zentela ngolimi lwakhe lwebele aluthandayo ngaphandle kokubandlululwa.
ImiKhandlu Yezilimi kaZwelonke (ama-National Language Bodies – NLBs), nezinhlaka zakwa-PanSALB yibona ababhekene nomsebenzi wokuthuthukiswa kwezilimi zaseNingizimu Afrika, ngokwenza izinsiza okuyimithetho yokubhala nobhalomagama olufanele (i-spelling and orthography), izichazamazwi, kanye namatemu aqinisekiswe yiyo le mikhandlu, ukusiza ekuhumusheni okunembayo. Ezinye zalezi zinsiza kanye nolwazi oluningi kuyatholakala lapha: https://www.pansalb.org & https://www.sars.gov.za



