Ukuthuthukiswa kobuciko ekuhumusheni nentuthuko
Ukugujwa Kosuku LokuHumusha LukaZwelonke
Ukuqhuba uphenyo lokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu nokusabalalisa imiphumela ekhishwa yiKomidi elilalela izikhalo.
ukuqwashisa umphakathi ukuze libenomthelela ekugquggquzeleni ubuliminingi kuzozonke izinhlaka zomphakathi ngokuvikela nokugqugquzela amalungelo abantu olimi.
Ukunikeza usizo lomthetho eBhodini,kuMphathi Omkhulu ,izisebenzi nezinhlaka ze-PanSALB.
Usebenza njengezithunywa zokuletha uguquko kulabo abephula umalungelo olimi.
Ukubeka izinhlelo zokuqala zokuhlelemba
Ukwenza izifundo mayelana nezikhalo nokunye
Ukusungula nokungcina ubudlelwane nokuxhumana Nomnyango Wezemfundo KuZwelonke Nasesifundazweni.
Ukwenza isimo esilungele ukusetshenziswa ngempumelelo kweNqubomgomo Yolimi Emfundweni neyeMfundo Ephakeme Ezifundazweni.
Ukuqoka amaprojekthi afanele ukuthuthukisa izilimi ebezicindezelwe.
Ukwenza isimo esilungele ukuthuthukiswa kweNqubomgomo Yolimi Emfundweni.
Ukukhetha izindlela zokugqugquzela zonke izilimi eMfundweni.
Ukusiza ekuqaleni izifundo namaprojekthi.
Ukongamela wonke amaprojekthi kaPanSALB.
Ukuthuthukisa nokungcina imininingwane yamaprojekthi athola ukwabelwa imali.
Ukuthuthukisa iziqondiso zokubhalwa kwezicelo zamaprojekthi.
Ukuhlela izicelo zokuxhaswa ngemali
Ukuletha usizo eMkhandlwini Wezilimi KuZwelonke (amaNLB)kanye namalungu eBhodi.
Ukusebenzisana nemikhandlu yabacwaningi nabaxhasa ngezimali kuzwelonke nasemhlabeni jikelele
Ukunikeza usizo oluphathekayo kumaNLB.
Ukuqiniseka ukuthi amaNLB ezilimi zase Africa zozishiyagalolunye ayalibuyekeza imithetho yokubhala nobhalo magama lwezilimi zawo.
Ukubeka izindlela zokuhlelemba ezisemqoka
Ukubeka izindlela zokwenza amatemu ezisemqoka
Ukulekelela amakilabhu okufunda ukuze kukhuthazwe isiko lokufunda
Ukuxhumana nezinhlangano zababhali
Ukuba nemihlangano yokucobelelana mayelana nemigomo yokukhethwa kwezincwadi
Ukuba nemicimbi yokuklomelisa ababhali ngokubambisana noMkhandlu WeziLimi Kuzwelonke.
Ukuqala nokuqhuba amaprojekthi agqugquzela ulimi.
Ukukhetha izingxenye zolimi ezidinga ukuthuthukiswa.
Ukuqokelela imali yokuqopha izilimi ezinabantu abancane abasasele abazikhulumayo (Khoe kanye namaSan)ukuze zingashabalali.
Ukukhipha ngokushesha imikhiqizo yezichazamazwi.
INhloso yeBhodi Lezilimi KuZwelonke ukugqugquzela ubuliminingi eNingizimu Afrika ngokuthi:
Lenze izimo ezilungele ukuthuthukiswa nokusetshenziswa kwazozonke izilimi ezisemthethweni
Ligqugquzele ukuhlonishwa nokukhuthazwa kwezinye izilimi eZweni.
Likhuthaze ukusetshenziswa kahle kwemithombo yolimi ukuze abantu baseNingizimu Afrika
bazikhulule kulona lonke uhlobo lokucwasa,ukuqonelwa nokwahlukaniswa futhi bakwazi ukuzenzela izinqumo zolimi ezilungele bona nentuthuko yeSizwe