Umphathi wohlelo uqale umcimbi ngokucela izivakashi ukuthi kube nomzuzu wokugobisa amakhanda, kukhunjulwe futhi kuhlonishwe uNksz. Fundisiwe Mokoena, owayengomunye wabasebenzi abavelele beBhodi Lezilimi, osebenze njengochwepheshe ophezulu kwezolimi (Chief Language Practitioner) esifundazweni saKwaZulu Natal. Ubekade eyibambe ophondweni emisebenzini yokuthuthukisa ulimi lwesiZulu, esebenzisana nongoti bolimi ekulikhuliseni nasekulivlondolozeni. Naye uNksz. Mokoena ubeyingxenye yethimba eliqokwe ukulungiselela lomcimbi.



Umoya wobunye waqhubeka waqhakaza ngesikhathi umcimbi uvulwa ngenkondlo ebonise ubuntu nendima enkulu edlalwa ulimi emasikweni nasekubumbaneni isizwe. Lokhu kulandelwe iculo lesizwe eliphakamise imimoya, kwangenisa izivakashi esimweni esifanele sokuhlonipha usuku. Amakhosi afana neNkosi Mkhize, iNkosi Ngcobo neNkosi Mavundla, kanye nezikhulumi ezivela emanyuvesi afana neDUT, UKZN ne-UNIZULU, abonakalise ukubaluleka kokuthi imiphakathi ibamba iqhaza ekunakekelweni kolimi nasekuqinisekiseni ukuthi amasiko awalahleki futhi awashabalali.
Ngemuva kwalokho, umphathi wohlelo umeme uMnu Thebolla, oyiPhini leMayor yoMasipala waseMsunduzi, ukuba abe namzwi okusamukela njengosokhaya futhi abeke namazwi akhuthazayo nagqugquzela ukubungazwa kwalolu suku. Lokhu kube yisinyathelo esivule indlela yokuthi izivakashi ziqhubekele phambili nohlelo ngokuzwakala komlayezo wobumbano nowokubungaza usuku olubalulekile emhlabeni jikelele, Usuku Lolimi Lwebele.



Izihambeli nezikhulumi ezahlukene ziluthokozele lolu suku futhi zaphinda zaveza nezinselelo ezikhona ekufundeni ngolimi lwebele. UMnu Thebolla, okunye akubalulile enkulumeni yakhe ukuthi izingane kufanele zithole imfundo ngezilimi zazo ukuze zikhule zibe nezisekelo eziqinile ekufundeni. Inkosi Zondi, yahamba emazwini ePhini leMayor kodwa yakuveza ukuthi yona akukho nokuncane ekwaziyo nebikwazi ngeBhodi Lezimi (iPanSALB) ngaphambilini, kodwa, manje isiyabona ukuthi libamba iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni ulimi, futhi ifisa ukuthi bona njengendlu yamakhosi basebenzisane nalo njengoba besemkhankasweni wokwakha abafana nezintombi abazoqonda ukubaluleka kolimi lwabo.
Undabezitha wandulele uNkkz UZanele Ndima naye ogcizelele ukuthi kubalulekile ukuthi sizigqaje ngolimi lwethu ngoba lokho kwenza ukuthi sigcine ubunjalo nesiko lethu, hhayi ukulisebenzisa kuphela uma kukhankaswa ngoba kunxenxwa amavoti.
Lo mgubho ubuhlelwe ngokubambisana obekuphakathi kwePanSALB, uMkhandlu waseMsunduzi, uMnyango Wezemfundo, iDSAC kazwelonke, i-UNESCO, kanye nezinye izinhlaka ezibambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni ulimi izilimi emphakathini eyahlukahlukene. Indikimba yonyaka obukungazwa ngaphansi kwayo ibithi “Many languages, one future: Youth Voices on Multilingual Education” ivele yahambisa nesisho esithi Inkunzi isematholeni”.


Intsha nayo ibigqihile kulomcimbi, ngisho nezinhlangano ezinjenge Duma Literacy Foundation. Ngibese ngiyamcathamela ukuze ngithole ukuthi isikhungo lesi angaphansi kwaso sisebenza kanjani. Uthathe wathi, isikhungo sakhe sizinze khona lapha eMgungundlovu, kodwa sigxile ekuthuthukiseni nokufundisa ukubhala. Wengeze ngokuthi kubalulekile ukusebenzisana nezingane, othisha nabazali ekuqinisekiseni ukuthi amakhono okuzimela kwezemfundo ayakhula. Lokhu kube wuphawu oluqinile lokuthi ikusasa lezilimi lingaphakanyiswa ngokubambisana kwemiphakathi.
Izikhulumi zibe sezithinta udaba lobuchwepheshe, zigcizelela ukuthi izilimi zomdabu akumele zishiywe ngaphandle ngesikhathi ubuchwepheshe obufana ne-Artificial Intelligence buqhubeka nokuthuthuka. Ukuxuba ulimi nobuchwepheshe kubonwe njengendlela eqondile yokuthi izilimi zomdabu zingalahleki, futhi kuthuthukise amathuba okuthi izingane zibe nolwazi oluhambisana nesikhathi.
IBhodi, lizibophezele ekuthuthukiseni ulwazi ngzilimi, lokho kuvele obala kulomcimbi ngoba izivakashi zinikezwe incwadi ethi “Ukuvamisa Imithetho Yokubhala Nobhalomagama LwesiZulu eshicilelwe ngonyaka wezi – 2021” ukuze abantu bazi ngezizindlela okuyizona zona zokubhala ulimi lwesiZulu kanjalo nangemithetho yokuqanjwa kwamagama.



