Loluqeqesho beluqhutshwa uSolwazi B.E. Zungu oyilungu loMZUKAZWE nongumphathi oyinhloko kuSikole Sezilimi e-University of Johannesburg. USolwazi uchaze kabanzi ngezindlela zokupela, nangezinguquko esezenziwe ezisemthethweni, nokubaluleka kokugcina izimiso zolimi kanye nokusetshenziswa kwazo. Loluqeqesho beluhlukaniswe ngokwamazinga abafundi njengoba luqala ngabenza unyaka wokuqala lanyuka njalo laze lafinyelela kubafundi abenza izifundo zeMasters. Kwabenza i-Masters, uqeqesho labo luthande ukujiya kakhulu, ngoba belufaka nokuhlaziya. Balitholile ithuba labo abebefuna ukucaciselwa ngezindlela ezithuthukisa ukusetshenziswa kolimi. Ukuzimbandakanya kwabo bekukhombisa ugqozi netshisekelo mayelana ngolwazi olunzulu olimini lwesiZulu.
Usuku lokugcina lukhombise ngokusobala ukuthi lomsebenzi ube nomthelela omkhulu. USolwazi uZungu ugcizelele ukuthi wathola ukuqeqeshwa okuhle kuSolwazi Maphumulo, futhi wakhuthaza abafundi ukuba bahlale benesifiso sokufunda futhi bangasabi ukufunda izimiso zolimi ngokujulile. Kube nokubonga okukhulu okuqondiswe kwaPanSALB, iTUT kanye nakubafundi ngokubambisana okuhle kanajalo nokuzimisela ekulanagazeleni ulwazi.
uDokotela Mbatha, uyena odlulise amazwi okubonga egameni loMnyango wakwaLanguage, wagcizelela ngokuthi abafundi bakuvezile ukuthi bangathokoza kakhulu uma bengabuye beyithole enye inkundla efana nalena. Ubese ebonga umnumzane uXulu owayengomunye wabafundi babo, ngokuba khona kwakhe kuyo yonke imisebenzi kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.
Yize isikhathi besisincane kakhulu, kodwa umsebenzi ubeyimpumelelo enkulu. Abafundi bakhombisile ukuthi bayalujabulela lolulwazi abalucoshile futhi nabo bezwa bevuseleleka. Abanye babo baze bathembisa ukuthi nabo bafisa ukuthuthuka baze babenjengabo ochwepheshe bolimi emphakathini nasezikhungweni zemfundo.



