IGoogle nePanSALB bethula Amatemu e-AI esiZulu, isiXhosa nesiBhunu

EGoli, mhla ziyi-15 Okthoba 2025 – IGoogle, ngokubambisaa nePan South African Language Board (iPanSALB), bethule Amatemu e-AI amasha esiZulu, isiXhosa kanye nesiBhunu, okinika izigidi zezakhamizi zaseNingizimu Afrika izinsiza zolimi ezingazisebenzisela ukusebenzisa ubuchwepheshe ngolimi lwazo lwebele.

Lo msebenzi wethulwe emahhovisi eGoogle aseNingizimu Afrika eGoli, lapho bekukhona abamele iPan South African Language Board, uMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko Nezamasiko, uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo, uMnyango Wezemfundo Ephakeme, kanye ne-SABC ngokuhlanganyela nezifundiswa, abahumushi, kanye nongoti kwezolimi. Lo mcimbi ububandakanya ingxoxo lezazi kudingidwa indlela izilimi zase-Afrika ezingasebenzisana ngayo nobuchwepheshe.

Uhlu lwagama luchaza amagama e-AI avanyisiwe ayi-100 kanye nezincazelo zawo ngezilimi zozintathu. Lo msebenzi wakhelwe phezu komsebenzi wangaphambilini okwakhiqiza umsebenzi ofanayo ngesisiSwahili eMpumalanga ne-Afrika futhi uyingxenye yokusebenzisana okubanzi okuphakathi kweGoogle nozakwabo base-Afrika ukuze kwenziwe ukuthi amasu amasha ezobuchwepheshe abe ngabandakanyayo futhi kuqedwe ukwahlukahlukana kwezobuchwepheshe kwezikhulumi ezilinganiselwa kuzigidi ezingama-266 ezikhuluma lezi zilimi ezine ezwenikazi lase-Afrika.

Phakathi kwamatemu emiqondo evamile yansukuzonke njenge-AI yokuxoxa – izinhlelo ezilingisa izingxoxo zabantu ngohlelo lokulungiswa kolimi lwemvelo – kanye nemikhiqizombumbulu, okuchaza izinkathi lapho izinsiza ze-AI zikhiqiza ulwazi oluzwakala lungolweqiniso kube kungenjalo. Amanye amagama akhona, njengokufunda nokuqhubekayo kanye nedatha enamaphutha, kuchaza izindlela imishini eqeqeshwa ngazo futhi ephinda ilungiswe ngokuxhumana kanye nokuhlunga ulwazi.

E-Afrika, isiNgisi siwulimi olunamandla kunazo zonke kwezobuchwepheshe nezesayenzi, okwenza kube nzima ukuba izikhulumi ezingasikhulumi isiNgisi zikwaze ukubamba iqhaza ezinkulumweni eziqondene nobuchwepheshe obusha. Ngokuchaza imiqondo ye-AI ngozilimi zasendaweni, amatemu asiza ukuvala leli gebe, okunika abantu amagama abangawasebenzisa ngokuzethemba ebuchwephesheni obusha kanye nasekwesekeni abasunguli, abafundisi, abahumushi kanye nabsebenzisi bansukuzonke.

La matemu adidiyelwa ngenqubo enokubambisana okukhulu. IGoogle, ngokuhlanganyela neTwaweza Communications kanye nePanSAlB, bethula uchungechunge lwezingxoxo nemhlangano yokucobelelana ngolwazi nongoti bezilimi, ababhali bezichazamazwi, ongoti be-AI, kanye nezifundiswa kanye nababambiqhaza bakuhulumeni. Le nqubo eyathatha izinsuku yaqinisekisa ukuthi amatemu akazange ahunyushwe kalula nje, kepha enziwa ukuba abe nenhlalanjalo futhi alungiselelwa ukusebenza olimini ngalunye ukuze kuqinisekiswe ukuthi ayanemba futhi ahambisana nosikompilo.

Umqondisi weGoogle Ezweni, uKabelo Makwane waseGoogle uthe lo msebenzi ubonisa okungenziwa yizinkampani zezobuchwepheshe kanye nezikhungo zezilimi uma kubanjisenwe. “Sifuna ukuthi bonke abantu babe namagama abawaqondayo futhi babe negalelelo ebuchwephesheni obushintsha izwe,” kusho uMakwane.

Isikhulu Esiphezulu sePanSALB uLance Schultz, sithe ukubambisana kuveza ukuthi ukuthuthuka kwezezilimi kanye namasu amasha ezobuchwepheshe kungahambisana. Sithe, “Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi izilimi zaseNingizimu Afrika zigcinwa ziphila, zihambisana nesikhathi futhi zikwazi ukusebenziseka ezimweni ezihlukahlukene.” “Ngokuvamisa amatemu e-AI, sisiza ukwenza izilimi zethu zihambisana nesikhathi futhi siqinisekisa ukuthi abakhulumi bazo abakhishwa inyumbazane ezingxoxweni zezobuchwepheshe emhlabeni jikelele.”

Amatemu aseyatholakala futhi umphakathi uzokwazi ukuwatholakala mahhala. Azosebenza njengomthombo kunoma wubani osebenza kwezemfundo, ezokuhumusha, noma ezobuchwepheshe, futhi azosekele izinhlelo eziqhubekayo zokukhuthaza ukubandakanya ngokwezilimi ezwenikazi.

IGoogle ibe yinkampani ye-AI yokuqala cishe eminyakeni eyishumi futhi iyaqhubeka nokutshala kwezokuthuthukiswa kokusetshenziswa kwe-AI ngokuqikelela okubonisa lokho okubekwe phambili ezweni. Ngezinhlelo ezinjengoHlu lwamagama e-AI, le nkampani ihlose ukuqinisekisa ukuthi inqubekela-phambili kwezobuchwepheshe izuziza bonke abantu nokuthi izimvo zabantu base-Afrika ziyamelwa kwezobuchwepheshe bakusasa.

IYAPHELA

Share:

Facebook
Twitter
Pinterest
LinkedIn

Related Posts