UMthetho WeBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (onguNombolo 59 ka-1995), esigabeni 8(8)(c) uvumela iBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (PanSALB) ukuba lisungule Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi ezizokwakha izichazamazwi ezilimulunye ezizoqondana nolimi olusemthethweni ngalunye. Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi zikhuthaza ukuthuthukiswa kolimi ngokuthi zakhe izichazamazwi neminye imibhalo ephathelene nazo ngokuqondene nolimi ngalunye olusemthethweni lwaseNingizimu Afrika. Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi zizosebenza njengezinkampani ngaphansi koMthetho Wezinkampani (onguNombolo 71 ka-2008).
Kuhlatshwa ikhwelo eliqondiswe kumalungu omphakathi kanye nabezikhungo zemfundo ephakeme, abezinhlangano noma izikhungo zamasiko, lokuba baphakamise amagama abantu abazongena emaBhodini Abaqondisi ehlukahlukene eziMpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi (isiPedi/isiSuthu saseLebowa, isiSuthu, isiTswana, isiSwati, isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa, nesiZulu). Ilelo nalelo Bhodi Labaqondisi elibhekene nalolo limi kuzomele liqinisekise ukuthi uPhiko Lukazwelonke Lokubhalwa Kwezichazamazwi lwakha isichazamazwi esiphelele esilimulunye kanye neminye imibhalozinsiza ehlose ukukhuthaza ukuthuthukiswa nokusetshenziswa kwalolo limi ngabanikazi balo, kwezemfundo nakweminye iminxa yezobungcweti. Phakathi kweminye imisebenzi yala maBhodi Abaqondisi yileyo yokuthi kumele engamele izimali, abasebenzi kanye nezinye izinsizasidingo ezihlinzekwayo ukuthuthukisa amagama alolo limi, abuye futhi akhe futhi alungise inqubomgomo namasu okumele kulandelwe ukuze kufezekiswe izinjongo eziqondene nokushicilelwa, ukugaywa nokumakethwa kwezichazamazwi neminye imibhalo eqondene nokwakhiwa kwezichazamazwi.
OKUDINGEKAYO/AMAKHONO
Lowo igama lakhe eliphakanyisiwe kufanele kube umuntu onentshisekelo ezindabeni zokuthuthukiswa kolimi. Ngaphezu kwalokho kufanele abe okungenani nokukodwa kwalokhu okulandelayo:
1. Ulwazi emkhakheni weleksikhografi (ukubhalwa kwezichazimazwi), nokuyilona olunconywa kakhulu;
2. Amakhono okuphatha nokuba ngumholi
3. Amakhono okuphathwa kwezimali
4. Ulwazi lwezomthetho noma
5. Amakhono ezokumaketha
6. Ulwazi lwe-Information Technology Systems
7. Ubuchwepheshe bolimi lwesintu
FUTHI kufanele lolo limi igama lakhe eliphakanyiselwa lona kube ulimi aluncela ebeleni.
Iziphakamiso zamagama kufanele zibhalwe phansi futhi zifake le mininingwane elandelayo:
• Amagama aphelele, amakheli (elendawo neleposi), imininingwane yokuxhumana ( i-imeyli nezinombolo zocingo) zalowo ophakanyiswayo, kanye ne-CV engamakhasi amabili yalowo ophakanyiswayo. I-CV kufanele ibe na agama aphelele, inombolo kamazisi, ubulili, iminingwane yokuxhumana (ikheli le-imeyli nezinombolo zocingo), amakheli (elendawo neleposi), igama lesifundazwe ohlala kuso bese ichaza kafuphi ngesipiliyoni, ulwazi namakhono aqondene nalolo limi kanye/noma nesiko lalo;
• Amakhophi aqinisekisiwe kamazisi walowo muntu ophakanyiswayo kanye naweziqu zemfundo;
• Yinoma yiluphi olunye ulwazi lokwengeza, okubandakanya amagama nemininingwane yabantu ababili okungenani abangaba abafakazeli. Omunye wabafakazeli kufanele aqhamuke enhlanganweni yomphakathi noma esikhungweni esisebenza ngolimi noma ngamasiko.
• Ikhasi elilodwa elisayiniwe elibeka izizathu zokuphakanyiswa kwegama yilowo oliphakamisayo echaza ukuthi lowo ophakanyiswayo ufaneleke ngani ukuthi angaba negalelo ekuthuthukisweni nasekusetshenzisweni kwalolo limi.;
• Ifomu lesicelo eligcwaliswe ngokufanele, okumele lisayinwe umphakamisigama, omesekelayo kanye nalowo ogama lakhe liyaphakanyiswa
Asikho isiphakamiso segama esizokwamukelwa uma lokhu okungenhla kungafakiwe.
Ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nenqubo nokudingakalayo, vakashela iwebhusayithi yakwa-PanSALB ethi: www.pansalb.org noma
uxhumane no-:
Nkk Nonkululeko Mkhize Ucingo: (012) 341 9638 I-imeyli: nonkululeko@pansalb.org
Iziphakamiso zamagama kufanele zithunyelwe zibhalwe kanje: Isikhulu Esiphethe, Okuqondiswe kuye: UPhiko Lokuthuthukiswa Nokusetshenziswa
Kwezilimi, IBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika Nge-imeyli: nominations-nlu@pansalb.org Ngeposi kuleli kheli: Private Bag X08, Arcadia, 0007
Uma zilethwa mathupha: 5th Floor, Provisus Building, 523 Stanza Bopape Street, Arcadia, 0083
Usuku lokuvala: 23 kuNhlolanja 2024
Qaphela ukuthi iziphakamiso zamagama ezithunyelwe ngefeksi aziyukwamukelwa.