IKHWELO LOKUPHAKANYISWA KWAMAGAMA AMALUNGU OMPHAKATHI AZONGENA EBHODINI LABAQONDISI LEZIMPIKO ZIKAZWELONKE ZOKUBHALWA KWEZICHAZAMAZWI

UMthetho WeBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (onguNombolo 59 ka-1995), esigabeni 8(8)(c) uvumela iBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (PanSALB) ukuba lisungule Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi ezizokwakha izichazamazwi ezilimulunye ezizoqondana nolimi olusemthethweni ngalunye. Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi zikhuthaza ukuthuthukiswa kolimi ngokuthi zakhe izichazamazwi neminye imibhalo ephathelene nazo ngokuqondene nolimi ngalunye olusemthethweni lwaseNingizimu Afrika. Izimpiko Zikazwelonke Zokubhalwa Kwezichazamazwi […]

IKHWELO LOKUPHAKANYISWA KWAMAGAMA AMALUNGU OMPHAKATHI AZOBA SEMIKHANDLWINI YOLIMI KAZWELONKE

IBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (PanSALB) ngalokhu limema amalungu omphakathi, ikakhulukazi abantu abanentshisekelo kwezezilimi, abasezikhungweni zemfundo ephakeme, abasezinhlanganweni zomphakathi noma ezikhungweni zezamasiko ukuba baphakamise amagama abantu abangaqokelwa ekubeni babe amalungu eMikhandlu Yolimi Kazwelonke, engaphansi kuka-PanSALB nezoqondana nalezi zilimi ezisemthethweni ezilandelayo: isiPedi/ seSotho sa Leboa, isiSuthu, isiTswana, isiSwati, isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa, isiZulu, uLimi […]