IKHWELO LOKUPHAKANYISWA KWAMAGAMA AMALUNGU OMPHAKATHI AZOBA SEMIKHANDLWINI YOLIMI KAZWELONKE

IBhodi Lezilimi Zonke LaseNingizimu Afrika (PanSALB) ngalokhu limema amalungu omphakathi, ikakhulukazi abantu abanentshisekelo kwezezilimi, abasezikhungweni zemfundo ephakeme, abasezinhlanganweni zomphakathi noma ezikhungweni zezamasiko ukuba baphakamise amagama abantu abangaqokelwa ekubeni babe amalungu eMikhandlu Yolimi Kazwelonke, engaphansi kuka-PanSALB nezoqondana nalezi zilimi ezisemthethweni ezilandelayo: isiPedi/ seSotho sa Leboa, isiSuthu, isiTswana, isiSwati, isiVenda, isiTsonga, isiBhunu, isiNgisi, isiNdebele, isiXhosa, isiZulu, uLimi […]